Ukuvuselela ukushintshwa kwesahlulo akudingekile kukho konke ukuvuselelwa. Ufike kulesi sikrini ngoba uhlelo lwemisebenzi lokufakwa luchaza ukuthi awunayo inkumbulo eyanele ukuqhubeka nokufakwa.
Lapha ungakhetha ukudala ifayela klokushintsha kwidiski ephathekayo Ifayela lokushintsha liphathiswa njengenkumbulo engabonakali futhi lenza ngcono ukusebenza kwesistimu yakho.
Uma ungafuni ukudala ifayela lokushintsha ngesikhathi sokuvuselela, ungathanda ukucabanga ukuhushula ukufakwa ebese udala ngokwakhoifayela elidingekayo.
Ukudala ifayela lokushintsha, khetha inkinobho Dala ifayela lokushintsha .
Okulandelayo, usebenzisa imouse, khetha ukwahlula lapho ifayela lakho lokushintsha likhona.
Ngenisa usayizi wefayela lokushitsha (kwi-MB) enkundleni enikeziwe.